Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 13:33 - IsiZulu 2020

33 Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu wesifazane, owathatha imvubelo wayifaka emicengezini emithathu yempuphu, kwaze kwabila konke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 13:33
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrahama waphuthuma wangena ethendeni kuSara, wathi kuye: “Sheshisa uthathe imicengezi emithathu uyigcwalise impuphu, uyixove, wenze amaqebelengwane.”


Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo. Isifikile inkosi ukuzombona, u-Amnoni wathi enkosini: “Ake kuze uThamari, udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami bese engifunza.”


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku.


Ufana nemvubelo eyathathwa ngowesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.


Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


UGideyoni wangena endlini yakhe, wahlaba izinyane lembuzi, wenza namaqebelengwane angenamvubelo nge-efa lempuphu; inyama wayifaka equthwini, umhluzi wawuthela ekhanzini, wakuletha kuye phansi kwesihlahla somu-okhi.


Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ