Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 4:5 - IsiZulu 2020

5 ukuze ikhulule labo abaphansi komthetho, samukele ukuba ngamadodana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 ukuze ahlenge abaphansi komthetho, ukuze samukele ukuma kwamadodana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukuze ahlenge abaphansi komthetho, ukuze samukele ukuma kwamadodana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 4:5
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga.


Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo-ke bangabantwana bakaNkulunkulu,


ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”


ngokuba okudaliweyo kulindele ngokulangazelela ukwembulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Ngitsheleni nina enifuna ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?


Ngakho-ke awusesona isigqila, kodwa indodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa ngaye uNkulunkulu.


Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.


wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade.


Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ