Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 4:7 - IsiZulu 2020

7 Uyanquma futhi usuku okuthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka, njengalokhu kwashiwo ngaphambilini ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 4:7
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngonyaka wama-480 emveni kokuphuma kwaba-Israyeli eGibhithe, ngonyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaSimakade.


Ngokuba Yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.


Wathi kubo: “Pho uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi? Phela uthi:


UDavide luqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele, wathi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’


Ngokuba uDavide uqobo, uthi eNcwadini yaMahubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami, hlala ngakwesokunene sami,


“Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla.


Ekubonile phambilini, wakhuluma ngokuvuka kukaKhristu ukuthi akashiywanga eHayidesi, nomzimba wakhe awukubonanga ukubola.


Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:


Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ