Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 11:17 - IsiZulu 2020

17 Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 11:17
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,


Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Kepha yena ongaveli olibeni lwabo, wemukela okweshumi ku-Abhrahama, wambusisa lowo onezithembiso.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.


Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ