Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 10:24 - IsiZulu 2020

24 Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 10:24
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.


Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu, kodwa omubi akaqondi lutho.


Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya.


Kepha ithini impendulo kaNkulunkulu kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizi-7 000 angazange amkhothamele uBhali.”


njengalokhu nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okuzosiza mina kuphela, kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.


Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.


Angikusho lokhu njengomyalo, kodwa ukuba ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu.


ngokuba ngiyayazi intshisekelo yenu engihlala nginitusa ngayo kwabaseMakhedoniya, ukuthi abase-Akhaya bazilungiselele kusukela nyakenye ukunikela, nokuthi ugqozi lwenu lugqugquzele abaningi.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu.


Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.


hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise.


Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane.


ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo,


Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono.


Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ