Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 8:14 - IsiZulu 2020

14 UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 8:14
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba umlomo wami uzakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye.


Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe.


Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”


Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe.


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


“Uma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami abusilo iqiniso.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.


UNkulunkulu uYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi manga ngalokho.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.


Ngabe sonke lesi sikhathi nicabanga ukuthi sizama ukuzivikela yini kini? Sikhuluma sikuKhristu naphambi kukaNkulunkulu. Konke esikwenzayo, bazalwane, kungokokwakha nina.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ