Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 7:28 - IsiZulu 2020

28 Ngakho-ke uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi Mina, futhi niyazi nokuthi ngivela kuphi. Kepha angizizelanga Mina, kodwa lowo ongithumileyo, uqinisile, eningamaziyo nina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 7:28
46 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Wafika khona wakha emzini okuthiwa yiNazaretha ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngabaphrofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNaziri.”


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.


Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.”


ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide.


Kwathi sebekufeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile, emzini wakubo, iNazaretha.


UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide,


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


UNathaniyeli wathi kuye: “Kukhona yini okuhle okungavela eNazaretha na?” UFiliphu wathi: “Woza uzozibonela!”


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni.


Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe.


kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”


Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami.


“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile.


Kepha kukhona omunye ofakaza ngami, futhi ngiyazi ukuthi ubufakazi abufakazile ngami buyiqiniso.


Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli; kodwa uma kuza omunye ezizela egameni lakhe, lowo niyakumemukela.


Bathi: “Lo muntu akusiye uJesu, indodana kaJosefa, uyise nonina esibaziyo na? Pho kungani manje, ethi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”


Kuthe sekuphakathi nomkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.


Noma ngehlulela, ukwehlulela kwami kungokweqiniso, ngokuba angingedwa, kodwa yiMina nongithumileyo.


Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.”


Nginokuningi engingakusho ngani nenginganehlulela ngakho, kodwa ongithumileyo uqinisile, nami lokho engikuzwa kuye, ngikukhuluma ezweni.”


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kepha asimazi lo muntu ukuthi uvela kuphi.”


Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”


Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ