Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 7:14 - IsiZulu 2020

14 Kuthe sekuphakathi nomkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Umkhosi usuphakathi uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Umkhosi usuphakathi uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 7:14
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


“ ‘Ngosuku lwesibili niyonikela ngalokhu: amaduna ali-12, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici,


“ ‘Ngosuku lwesithathu niyonikela ngalokhu: izinkunzi ezili-11, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici,


UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abaphristi abakhulu, izazimthetho, nezikhulu zabantu, zafuna ukumbulala.


UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.


Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.”


Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo.


Ngakho-ke uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi Mina, futhi niyazi nokuthi ngivela kuphi. Kepha angizizelanga Mina, kodwa lowo ongithumileyo, uqinisile, eningamaziyo nina.


Kepha ngosuku lomkhosi lokugcina, uJesu wasukuma wamemeza, wathi: “Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze.


Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ