Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 6:9 - IsiZulu 2020

9 “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 6:9
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zaletha nebhali, nefoliji lamahhashi, namahhashi anejubane lapho zazikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.


Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaSimakade; usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi, iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali, ngeshekeli, esangweni eSamariya.’ ”


Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo.


Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalendlala yini itafula ehlane na?


Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo, yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babehweba kuwe; bahweba impahla yakho ngokolo waseMinithi, ngojeqe, ngoju, ngamafutha nangebhalisamu.


Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.”


Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu ezondla izi-5 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na?


Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”


mhlazana ngihlephulela abayizi-5 000 izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ezili-12.”


Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.”


UMartha wathi kuJesu: “Nkosi, ukuba ubukhona, umfowethu ngabe akafanga.


Ngakho uMariya esefikile lapho uJesu ayekhona, wathi ukuba ambone wazilahla ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, ukuba ubukhona, umfowethu ngabe akafanga.”


UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.”


UJesu weza, wathatha isinkwa, wabapha, nangezinhlanzi wenza kanjalo.


Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.


Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo.


UFiliphu wamphendula, wathi: “Izinkwa zawodenariyu abangama-200 zingeke zanele ukuba kube yilowo nalowo athole okuncane.”


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.


izwe likakolo nebhali, imivini nemikhiwane namahananadi, izwe leminqumo enamafutha noju,


Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ