Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 6:57 - IsiZulu 2020

57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 6:57
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


USimoni Phethro waphendula wathi: “Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”


kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.


Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.


Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.”


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa.


Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ