Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 6:29 - IsiZulu 2020

29 UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 6:29
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”


Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Ngakho-ke bathi kuye: “Singenzani ukuba senze imisebenzi kaNkulunkulu na?”


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.


Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa, wena nendlu yakho.”


sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu.


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Uyabona ukuthi ukukholwa kwakusebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi.


Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.


Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo.


“ ‘Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika ilungelo lokubusa phezu kwezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ