Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 21:22 - IsiZulu 2020

22 UJesu wathi kuye: “Uma Mina ngithanda ukuba ahlale ngize ngibuye, uhlushwe yini wena ngalokho na? Wena landela Mina.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 21:22
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu.


Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”


Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.


“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.


Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele, yekela abafileyo bambele abafileyo babo.”


Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: kukhona abanye kulaba abemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.”


Lokho wakusho ekhombisa ukufa azakumdumisa ngakho uNkulunkulu.” Esekushilo lokho wathi: “Ngilandele.”


Kuthe uPhethro embona lowo, wathi kuJesu: “Pho Nkosi, lona uthini ngaye na?”


Ngokuba ngaso sonke isikhathi lapho nidla lesi sinkwa, niphuza le ndebe nimemezela ukufa kweNkosi ize ibuye.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Ngokuba liyini ithemba lethu, ukuthokoza nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu ekufikeni kwakhe, uma kungeyini na?


Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva.


Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.


Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!


“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiphrofetho sale ncwadi.”


“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ