Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 20:31 - IsiZulu 2020

31 Kepha lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 20:31
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Ngizakulanda ngesinqumo sikaSimakade, owathi kimi: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele.


USimoni Phethro waphendula wathi: “Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”


Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”


Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.


ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo.


Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


UNathaniyeli wamphendula, wathi: “Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.


Lowo obonileyo ufakazile futhi ubufakazi bakhe buqinisile, futhi lowo uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe.


UThomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”


Nguye, bonke abaphrofethi abafakaza ngaye ukuthi bonke abakholwa nguye bayakwemukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.”


Ngokukholwa egameni lakhe lo enimbonayo nenimaziyo, yigama lakhe elimenze waqina, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.


Besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Nanka phela amanzi; kwalani ukuba ngibhabhadiswe na?”


UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu uKhristu uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


namukela umphumela wokukholwa kwenu oyinsindiso yemiphefumulo.


Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.


Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Lowo oweqisayo, engemi esifundisweni sikaKhristu, akanaye uNkulunkulu; kodwa ohlezi esifundisweni, unaye uYise neNdodana.


“Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ