Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 2:24 - IsiZulu 2020

24 Kepha uJesu akazange abethembe, ngokuba wayebazi bonke ubunjalo babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 2:24
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, uyakuthethelela, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, ngokuba nguwe wedwa owazi okusenhliziyweni yalowo nalowo muntu,


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?


UJesu wakwazi ngaleso sikhathi emoyeni wakhe ezazidlinza ngakho, wayesethi kuzo: “Nidlinzelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


Wamyisa kuJesu. UJesu wambheka, wathi: “Wena unguSimoni kaJona; usuzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okusho ukuthi ngokuhunyushwa, uPhethro.


Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.”


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


UJesu wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze nayo lapha.”


kodwa ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu kini.


Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, ukuze bambeke abe yinkosi, wathi nyelele, futhi waya yedwa entabeni.


Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.” UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela.


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili,


UNkulunkulu owazi izinhliziyo, wabafakazela ngokubapha uMoya oNgcwele njengathi.


Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ