Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 15:24 - IsiZulu 2020

24 Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 15:24
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.”


Kuthe selikhishiwe idimoni, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Hawu, akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli!”


Wayesevuka, wathatha uhlaka lwakhe masinyane, waphuma phambi kwabo bonke. Bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asikaze sikubone okunje.”


Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.


Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru,


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo.


Mayelana nesono, ngokuba bengakholwa yimi;


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


“Kepha nginobufakazi obedlula obukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi nguBaba ongithumileyo;


Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga.


Kepha abaningi esixukwini bakholwa nguye, bathi: “Ngabe uKhristu nxa esefikile uyakwenza izimangaliso eziningi ezedlula azenzileyo lo na?”


Selokhu kwathi nhlo, akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owake wavula amehlo omuntu ozelwe eyimpumputhe.


UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha lokhu nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sikinina.”


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali;


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ