Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 11:19 - IsiZulu 2020

19 Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 11:19
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, njengoba uyise angenzela ububele.” UDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni.


asuka wonke amadoda anamandla ayothatha isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe, aziletha eJabheshi. Amathambo abo awambela phansi kwe-okhi eJabheshi, azila ukudla izinsuku eziyikhombisa.


Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.


Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.


Lezi zinto ezimbili zikwehlele; ngubani onozwelo kuwe na? Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa, indlala nenkemba, ngubani oyakukududuza na?


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?


Wayenodadewabo okuthiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walalela izwi layo.


Kepha kunye okudingekileyo; uMariya ukhethe okuyikhona kungcono, angayukwephucwa khona.”


Lokhu kungubufakazi bukaJohane, lapho abaJuda bethumele abaphristi nabaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze, bathi: “Wena ungubani na?”


Kwakukhona othile owayegula, onguLazaru waseBhethaniya, isigodi okwakuhlala kuso uMariya nodadewabo uMartha.


Ngakho-ke abaJuda ababenaye endlini bemduduza, kuthe bebona uMariya esukuma ngokushesha ephuma, bamlandela, ngoba babecabanga ukuthi uya ethuneni ukuba ayokhala khona.


Ngakho-ke uJesu embona ekhala, nabaJuda ababefike naye bekhala, wathinteka kakhulu emoyeni, wakhathazeka,


Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, indlela abemkhonze ngayo.”


Ngakho abaJuda abaningi ababeze kuMariya bebona akwenzileyo, bakholwa kuye.


Abafundi bathi kuye: “Rabi, akukapholi maseko abaJuda befuna ukukukhanda ngamatshe, usuya khona futhi na?”


osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.


Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.


Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ