Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 11:15 - IsiZulu 2020

15 Kepha ngiyathokoza ngenxa yenu ngokuthi bengingekho lapho, ukuze nikholwe, kodwa masihambe siye kuye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; nokho asiye kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; nokho asiye kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 11:15
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalobo busuku, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abhrahama uyihlo. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngizakukubusisa, ngenze isizukulwane sakho sibe siningi kakhulu ngenxa ka-Abhrahama inceku yami.”


Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini.


Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,


Uma kukhona okuqalayo, kuyobe kungaveli kimi lokho; noma ngubani okuqalayo uyakuwa ngenxa yakho.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Njengalokhu iwayini elisha litholwa ehlukuzweni lamagilebhisi, bese kuthiwa: ‘Ningaloni ngokuba kunesibusiso esikulo,’ ngiyokwenza kanjalo, ngenxa yenceku yami: angiyukubabulala bonke.


Ngakho-ke uJesu wabatshela ngokucacileyo wathi kubo: “ULazaru ufile.


Khona uThomase okuthiwa nguDidimu, wathi kwabanye abafundi ababenaye: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye!”


UJesu ekuzwa lokho, wathi: “Lokhu kugula akukhona okokufa, kodwa ukuze kudunyiswe uNkulunkulu, neNdodana kaNkulunkulu idunyiswe ngakho.”


UJesu waphendula, wathi: “Leli zwi alifikanga ngenxa yami, kodwa ngenxa yenu.


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu.


Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade.


Nginilobele lokho ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ