Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -






Johane 10:30
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.


UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?


Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.


Konke okwami kungokwakho, nalokho okungokwakho kungokwami. Ngikhazimulisiwe kubo.


UJesu wathi kubo: “UBaba uyasebenza kuze kube manje, nami-ke ngiyasebenza.”


ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: engakabi bikho u-Abhrahama, ngangikhona Mina.”


“Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ