Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 7:23 - IsiZulu 2020

23 “Kuthe eseneminyaka engama-40 yobudala, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba akayobona abantu bakubo, abantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 7:23
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo. Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana, nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele.


Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.


UMose wahamba wabuyela kumukhwe wakhe uJethro, wathi kuye: “Ngiyakucela, ngivumele ngihambe, ngibuyele kubahlobo bami abaseGibhithe, ngiyobona ukuthi basaphila yini.” UJethro wathi kuMose: “Hamba ngokuthula.”


UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”


Kuthe ebona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindiselela ocindezelweyo, wambulala owaseGibhithe.


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ