Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 4:28 - IsiZulu 2020

28 ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 4:28
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


USimakade Wamabandla ufunge wathi: “Impela njengoba ngihlosile kuyokuba kanjalo, nanjengoba ngihlelile kuyokuma kanjalo,


Nalokho kuvela kuSimakade Wamabandla omangalisayo ekwalulekeni, nohlakaniphe ngokwedlulele.


“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


Ngubani oqondise uMoya kaSimakade, wamfundisa, waba ngumeluleki wakhe na?


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


abathi: “Makaphangise, asheshise umsebenzi wakhe ukuze siwubone; malisondele, lifike icebo loNgcwele ka-Israyeli, ukuze sazi!”


Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


Pho-ke ingafezeka kanjani imibhalo ethi kufanele ukuba kwenzeke kanjalo na?”


Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”


Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.


Kepha lokho uNkulunkulu akubikezele ngaphambilini ngomlomo wabo bonke abaphrofethi, ukuthi uKhristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalise kanje.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ