Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 21:40 - IsiZulu 2020

40 Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 21:40
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokushesha, zathatha kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zase zibetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”


Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA.


Ngakho-ke uPilatu esezwile lawo mazwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu. Wahlala esihlalweni sokwehlulela endaweni okuthiwa: “EGandaywe Ngamatshe,” ngesiHebheru okuthiwa iGabhatha.


Ezithwalele isiphambano, bahamba naye, baya endaweni okuthiwa iNdawo Yekhanda, ngesiHebheru okuthiwa iGolgotha.


AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki.


Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.


Lokho kwaziwa yibo bonke abakhe eJerusalema, yaze leyo nsimu yaqanjwa igama ngolimi lwakubo, kwathiwa i-Akheldama, okusho ukuthi iNsimu Yegazi.


Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


UPawula wayesesukuma, waphakamisa isandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu.


Kuthe lapho esefikile esikhwelweni, wathwalwa ngamabutho ngenxa yokuminyana kwesixuku,


Sebezwa ukuthi ukhuluma nabo ngolimi lwesiHebheru, bathula bathi du. Wayesethi:


Kwathi sonke sesiwe phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawula, Sawula, ungihluphelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’


Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla.


Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni.


Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ