Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 21:34 - IsiZulu 2020

34 Abanye esixukwini babememeza besho lokhu, nabanye besho lokhuya, ayangakwazi ukuthola iqiniso ngenxa yomsindo, yase iyala ukuba ayiswe enkanjini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Abanye phakathi kwesixuku bamemeza okunye, abanye okunye, kepha engakwazi ukuqiniseka ngenxa yesiyaluyalu, wayala ukuba ayiswe ekamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Abanye phakathi kwesixuku bamemeza okunye, abanye okunye, kepha engakwazi ukuqiniseka ngenxa yesiyaluyalu, wayala ukuba ayiswe ekamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 21:34
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye babememeza besho lokhu, abanye besho lokhuya, ngokuba isixuku sasiyaluza nje, futhi abaningi bengazi nokuthi kungani bebuthene.


Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na?


induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe enkanjini, yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasici sini esibenza bamemeze kanje ngaye.


Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.


Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.


Kepha umshana kaPawula walizwa icebo labo lokumlalela unyendle, bambulale, wayeseya enkanjini, wangena, wambikela uPawula.


Ngakusasa ashiya ababegibele amahhashi ukuba bahambe naye, wona ayesebuyela enkanjini.


Anginalutho oluqinisekileyo ngaye engingayilobela yona inkosi, yingakho-ke ngimlethe phambi kwakho, nkosi, Agripha, ukuze kuthi uma sewuluvavanyile udaba lwakhe, ngibe nakho engingakuloba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ