Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 20:31 - IsiZulu 2020

31 Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 20:31
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuze angoni, bese ngempela angoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile, nawe-ke uyobe uwusindisile umphefumulo wakho.”


kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu.


Esenyukele phezulu, wahlephula isinkwa, wadla, ngokuba wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesehamba.


Ngikhonza iNkosi ngokuthobeka okukhulu, ngezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngenxa yamacebo abaJuda.


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa.


“Kwathi emva kweminyaka eminingi, ngabuyela esizweni sakithi, ngilethe izipho neminikelo,


Anginilobeli lokhu ukuba nginenze nizenyeze, kodwa ukuba ngineluleke njengezingane zami ezithandekayo.


Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.


OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu,


Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.


Anikhumbuli yini ukuthi ngisenani nganitshela ngalokho na?


Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu,


Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi womvangeli, futhi uwufeze umsebenzi wakho ngokupheleleyo.


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ