Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 19:17 - IsiZulu 2020

17 Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 19:17
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo lusuku, uDavide wamesaba uSimakade, wayesethi: “Umphongolo kaSimakade uyakuza kanjani kimi na?”


Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke elezintaba eJudiya,


Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Kwathi ukuba umbusi abone okwenzekile, wakholwa, emangaliswa nayimfundiso yeNkosi.


Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.


kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.


Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile,


Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, esebahlulile bonke, wabanqoba; baze baphunyuka kuleyo ndlu babaleka behambaze, futhi belimele.


Abaningi kulabo abakholwayo beza bavuma futhi badalula izenzo zabo.


Kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa wukwesaba; abaphostoli benza izimangaliso nezibonakaliso eziningi.


Ukwesaba okukhulu kwalehlela lonke ibandla nabo bonke abezwa ngalokho.


Kepha kwabanye abantu akukho namunye owaba nesibindi sokuzihlanganisa nabo, kodwa abantu babebazisa kakhulu.


Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu.


Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa.


ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Khristu.


Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini.


Abantu baseBhethi Shemeshi base bethi: “Ngubani ongama phambi kukaSimakade, uNkulunkulu ongcwele na? Uma umphongolo usuka lapha kithi uyakwenyukela kuphi na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ