Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 15:25 - IsiZulu 2020

25 Kube kuhle kithi, sinhliziyonye, ukuba sithumele kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu uBharnabha noPawula,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 15:25
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo,


Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.


Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.


Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.


Kodwa uPawula noBharnabha bahlala e-Antiyokhiya, befundisa, futhi beshumayela ivangeli leNkosi kanye nabanye abaningi.


Abaphostoli namalunga babuthana ukuze baluhlole lolu daba.


Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye.


Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,


Khonzani koThrayifina noThrayifosa abasebenza nathi eNkosini. Khonzani kuPhersisi othandekayo, owasebenza kakhulu eNkosini.


Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Kepha ukuze nani nazi ukuthi nginjani futhi ngenzani, uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini, uyakunazisa konke.


UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami.


Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha.


engaseyiso isigqila, kodwa okungaphezu kwesigqila, esengumzalwane othandekayo kimi, kakhulu kangakanani kuwe, enyameni naseNkosini.


Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ