Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 15:17 - IsiZulu 2020

17 ukuze abaseleyo babantu nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ kusho iNkosi ekwenzayo lokhu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ isho iNkosi ekwenza lokhu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ukuze insali yabantu ifune iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, isho iNkosi eyenza zonke lezi zinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ukuze insali yabantu ifune iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, isho iNkosi eyenza zonke lezi zinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 15:17
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngeGama lakho.


“Ngavuma ukufunwa yilabo abangangicelanga, ngafunyanwa ngabangazange bangifune, ngathi: ‘Ngilapha, ngilapha,’ esizweni esingabizwanga ngeGama lami.


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwabangesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bayakuthi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”


Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”


ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


UBhileyamu wethula umbiko wakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila lapho uNkulunkulu enza lokhu na?


“Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe.


Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ