Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 15:1 - IsiZulu 2020

1 Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane, bathi: “Uma ningasoki ngokwesiko likaMose, anikwazi ukusindiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane, bathi: “Uma ningasoki ngokwesiko likaMose, anikwazi ukusindiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 15:1
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.


UMose uninike ukusoka, kungesikho ukuthi kuvela kuye kodwa kokhokho. Niyamsoka umuntu ngeSabatha.


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.


Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya.


Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze.


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumele ukuba basokwe, bayalwe ukuba bawugcine umthetho kaMose.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


ngokuba simzwile ethi uJesu waseNazaretha uzakuyibhidliza le ndawo, aguqule namasiko esawanikwa nguMose.”


Kwathi emva kweminyaka eli-14, ngabuye ngakhuphukela eJerusalema, ngihamba noBharnabha noThithu.


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.


Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,


Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ