Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 14:15 - IsiZulu 2020

15 bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 14:15
67 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”


ngenxa yezono zonke zikaBhahasha nezendodana yakhe, u-Ela, ababezenza abonisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Wahamba ezindleleni zonke zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.


Simakade, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, Simakade, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribhi awathumele ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.


Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile wonke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yakhe, inkosi yase-Asiriya, ukuzokwedelela ngawo uNkulunkulu ophilayo. USimakade uNkulunkulu wakho athi angawezwa, awasole lawo mazwi, bese kuthi ngenxa yensali, awuzwe umkhuleko wakho.’ ”


Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade, uMdali wezulu nomhlaba.


Usizo lwethu lusegameni likaSimakade owenzile izulu nomhlaba.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


“Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe weneka izulu. Izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade, bangazigcina izimiso zakhe, amanga abo abadukisa, abawalandela nokhokho babo.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


USimoni Phethro waphendula wathi: “Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”


Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Kepha uPhethro wamsukumisa ethi kuye: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.”


“Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kokhokho,


Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya,


Wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Banumzane, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”


wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzokuba nobunzima nokulahlekelwa okukhulu, hhayi impahla nje nomkhumbi kuphela, kodwa nempilo yethu.”


Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa.


“Ngakho-ke yimani isibindi, madoda, ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengokuba ekhulumile kimi.


Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho,


Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Ngakho-ke ngiyafakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo,


Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?


Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Kepha uma ngilibala, yazi ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.


UJoshuwa wayesethi: “Niyokwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, ongayikwehluleka ukuxosha phambi kwenu amaKhanani, amaHithi, amaHivi, amaPherizi, amaGirigashi, ama-Amori, namaJebusi.


Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Ngase ngibona isilo, amakhosi omhlaba kanye nempi yawo kubuthene ukuze balwe nalowo ohleli ehhashini nempi yakhe.


Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”


“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ