Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 13:20 - IsiZulu 2020

20 Kwedlula iminyaka ebalelwa ema-450, emveni kwalokho wabanika abehluleli, kwaze kwaba nguSamuweli umphrofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Emva kwalokho wabanika abahluleli isikhathi esingangeminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu, kwaze kwafika uSamuweli umprofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Emva kwalokho wabanika abahluleli isikhathi esingangeminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu, kwaze kwafika uSamuweli umprofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 13:20
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu.


Lalingakaze ligcinwe iphasika kusukela emihleni yabehluleli ababehlulela u-Israyeli, nasemihleni yawo wonke amakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda.


Ezindaweni zonke engihambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngalikhipha yini izwi nakoyedwa wabehluleli bakwa-Israyeli engangibayale ukuba beluse abantu bami, ngathi: Aningakhele ngani indlu yemisedari na?” ’ ”


“Yebo, nabaphrofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabamlandelayo, bonke ababekhulume, bamemezela ngalezo zinsuku.


USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.


Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi.


USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumphrofethi kaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ