Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 10:23 - IsiZulu 2020

23 USimoni wayesewabiza, wawangenisa endlini yakhe. Ngakusasa wasuka wahamba nawo, ephelezelwa ngabazalwane abathile baseJopha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 10:23
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Ngakho-ke angizange ngenqabe, ngibiziwe, ngeza. Ngakho-ke ngiyabuza ukuthi ungibizeleni na?”


“Ngase ngithumela kuwe khona manjalo; wenze kahle-ke wafika. Manje sesilapha sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.


UMoya wayesethi kimi angihambe nawo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelezela laba bazalwane abayisithupha, saze sayongena endlini yaleyo ndoda.


Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.


EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.


Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.”


Lokho kwezwakala kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.


ngokuba siyazihlonipha izinto ezinhle, hhayi nje phambi kweNkosi, kepha nasemehlweni abantu imbala.


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ