Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzAga 4:4 - IsiZulu 2020

4 wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi wangifundisa, wathi kimi: Inhliziyo yakho mayigcine amazwi ami; gcina imiyalo yami nokuphila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzAga 4:4
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.


Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.


Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,


khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula.


Gcina imiyalelo yami, uphile, nemfundiso yami, njengenhlamvu yeso lakho.


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.


Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokhu engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokhu uBaba engitshela khona.”


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho.


Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Wayesethi uManowa: “Nxa sekwenzekile owakukhulumayo, iyakuba yini indlela yomntwana, uyakwenzani, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ