Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzAga 13:3 - IsiZulu 2020

3 Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Olinda umlomo wakhe ulonda ukuphila kwakhe; kepha ovula kakhulu izindebe zakhe uyakuba nembubhiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzAga 13:3
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.


Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.


Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”


Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso.


Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.


Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.


Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.


Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.


Wathi kuye: “Uma bengibopha ngezintambo ezintsha ezingakaze zisetshenziswe, khona ngiyoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”


Ngakho-ke wayesemtshela yonke imfihlo yakhe, wathi kuye: “Ikhanda lami alikaze liphucwe ngensingo, ngokuba ngingumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni sikamame. Uma ngigundwa ayophela amandla ami, ngibe ntekenteke, ngifane nabo bonke abantu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ