IsAmbulo 22:5 - IsiZulu 20205 Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE5 Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Baasraak Zulu New Testament Bible5 Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20245 Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.