Esteri 9:30 - IsiZulu 202030 Izincwadi zathunyelwa kubona bonke abaJuda ababesezifundazweni eziyi-127 zombuso wenkosi u-Ahasheveroshi, bebafisela ukuthula nokuvikeleka, အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE30 Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso, အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202430 Wathumela izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, ngamazwi okuthula neqiniso, အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.