Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 9:22 - IsiZulu 2020

22 Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 9:22
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.


Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke.


AbaJuda bakwemukela lokho abase bekuqalile nalokho uMoridekhayi ayebabhalele khona.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe.


Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.


Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe.


Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona,


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ”


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.


Kuphela sikhumbule abampofu, okuyiyona nto nami ebengilangezelela ukuyenza.


“Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.


wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ophakathi kwamasango akho.


Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Buza izinsizwa zakho, zizokutshela; ngakho-ke izinsizwa zami mazifumane umusa emehlweni akho, ngokuba sifike ngosuku oluhle. Ake uziphe izinceku zakho nendodana yakho uDavide, noma yini onayo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ