Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 2:11 - IsiZulu 2020

11 Nsuku zonke uMoridekhayi wayezidlisa satshanyana ngasesangweni lendlu yabesifazane, ukuze ahogele ukuthi uqhuba kanjani u-Esteri, nokuthi yini ezokwenzeka kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMoridegayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuze azi ukuthi u-Esteri unjani nokuthi kuzokwenzekani kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 2:11
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.


U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho.


Ukucolwa kwabesifazane kwakuvamise ukuthatha isikhathi esingunyaka. Izinyanga eziyisithupha zokuqala, owesifazane wayegcotshwa ngamafutha emure, kuthi ngezilandelayo aqholwe ngamafutha ebhalisamu. Uma sekwenziwe lokho, intombi ngayinye yayithathwa ingeniswe enkosini u-Ahasheveroshi.


Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”


Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ