Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




EkaJakobe 5:4 - IsiZulu 2020

4 Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Bhekani, inkokhelo yezisebenzi ezivune amasimu enu, eniyigodlile ngobuqili, iyakhala; nokukhala kwabavuniyo kungene ezindlebeni zeNkosi yamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bhekani, inkokhelo yezisebenzi ezivune amasimu enu, eniyigodlile ngobuqili, iyakhala; nokukhala kwabavuniyo kungene ezindlebeni zeNkosi yamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




EkaJakobe 5:4
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami: “Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo, izindlu ezinkulu nezinhle kungabi namuntu ohlala kuzo.


“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,


“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.


Ngokuba amatshe ayakukhala esogangeni, nomshayo uyakuphendula usophahleni.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Isivuno sikhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.


UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?


Nanjengalokhu u-Izaya washo phambilini wathi: “Ukuba iNkosi Yamabandla ibingasishiyelanga ulibo, besiyakuba njengeSodoma, sibe njengeGomora.”


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Makhosi, ziphatheni kahle nangokufaneleyo izinceku zenu, nikhumbule ukuthi nani nineNkosi ezulwini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ