AmaHubo 99:1 - IsiZulu 20201 USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20241 UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, le ndawo iyisihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade. Indlu yakwa-Israyeli ayisayukulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo.