Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 90:17 - IsiZulu 2020

17 Umusa weNkosi, uNkulunkulu wethu, mawube phezu kwethu, imisebenzi yezandla zethu ichume, yisimamise imisebenzi yezandla zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu, umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ubuhle bukaJehova uNkulunkulu wethu mabube phezu kwethu, uqinise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uyakuqinisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 90:17
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakunquma ukwenza okuthile, kwenzeke, ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Sindisa, Simakade, ngiyakuncenga! Hlahlamelisa, Simakade, ngiyakucela!


Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.


EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe, uSimakade uqhakazile.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho, qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona.


Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Gingqela imisebenzi yakho kuSimakade, ukuze amasu akho aphumelele.


Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.


Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo.


Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.


Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ