Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 89:8 - IsiZulu 2020

8 Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe uJehova na? noma ekuthembekeni kwakho okuzungezile?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 89:8
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.


Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide, uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.


Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na?


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.


Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade onamandla, oyiqhawe, uSimakade oyiqhawe empini.


Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?


Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na?


Manje maningedeleli funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa wonke umhlaba, siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.


Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.


“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,


Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?”


“Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ