Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 84:9 - IsiZulu 2020

9 Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bheka, O Nkulunkulu, sihlangu sethu, futhi ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 84:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:


Simakade Nkulunkulu, ungamfulatheli ogcotshiweyo wakho. Khumbula umusa wakho kuDavide inceku yakho.”


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba.


“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”


Kwathi sebefikile, wabona u-Eliyabe, wathi: “Impela ogcotshiweyo kaSimakade uphambi kwakhe.”


Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ