Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 79:12 - IsiZulu 2020

12 Ibuyisele kasikhombisa ezifubeni zomakhelwane bethu inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Unike omakhelwane bethu kasikhombisa esifubeni sabo ihlazo labo abakuhlambalaza ngalo, Jehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 79:12
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wathi kuye: “Akusoze kwenzeka lokho, ngoba uma umuntu ekubulala, uyojeziswa kasikhombisa.” USimakade wayesembeka uphawu uKhayini ukuze lwexwayise noma ngubani ohlangana naye angambulali.


ngenxa yoklolodayo nojivazayo, nangenxa yesitha nomphindiseleli.


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.


Uma ebhadanyiwe, bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa, akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.


Wena obenzela umusa abayizinkulungwane, futhi uyaphindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, Wena Nkulunkulu omkhulu noyiqhawe, ogama lakho kunguSimakade Wamabandla.


Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.


Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngisiphakamisile isandla sami, ngafunga ngathi impela abezizwe abanizungeze ndawo zonke bayakulithwala ihlazo labo.


“ ‘Uma niyohamba nimelene nami, ningavumi ukungilalela, ngiyakunehlisela izinhlupheko eziphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ