Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 78:12 - IsiZulu 2020

12 Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe, endaweni yaseSowani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 78:12
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,


Kwaba kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, ngokuba babonile kuSimakade uNkulunkulu wabo owayebakhuphule eGibhithe, phansi kwesandla sikaFaro, inkosi yakhona, besaba abanye onkulunkulu.


Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.


Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


USimakade wathi kuMose: “Uyabona-ke, ngikwenze wanjengonkulunkulu kuFaro, nomfowenu u-Aroni uyakuba ngumphrofethi wakho.


Izikhulu zaseZowani ziyiziwula ngempela, abeluleki abahlakaniphileyo bakaFaro beluleka ubuwula. Ningasho kanjani kuFaro, nithi: “Ngiyindodana yezihlakaniphi, isizukulwane samakhosi asemandulo” na?


Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula, izikhulu zaseNofi ziluthekile. Labo abayizinsika zezizwe zalo balidukisile iGibhithe.


IPhathirosi ngiyakulenza libe lihlane, ngiphembe umlilo eZowani, ngilijezise iNo.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,


Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ