Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 7:6 - IsiZulu 2020

6 Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Vuka, Jehova, ngentukuthelo yakho, uziphakamise ngenxa yentukuthelo yezitha zami, uvuke ngenxa yami ngenxa yokwahlulela okuyale ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 7:6
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Isitha sizingela umphefumulo wami, impilo yami siyigandaya emhlabathini, singenze ngahlala ebumnyameni njengalabo abafa kudala.


Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.


Phikisana, Simakade, nabangiphikisayo, yilwa nabalwa nami.


Phakama, usukumele ukwehlulelwa kwami, uyimele indaba yami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami!


Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Ungasilahli njalonjalo.


Sukuma, usisize. Sihlenge ngenxa yomusa wakho.


Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela


Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakuwedelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.


Phangisa uzobona incithakalo yaphakade, isitha sesone konke endlini engcwele.


INkosi yayisivuka kwasengathi ibikade ilele njengeqhawe elehlulwe yiwayini.


USimakade umele isikhundla sakhe, ukuthetha icala, ehlulela izizwe.


“Manje sengizovuka” kusho uSimakade; “manje sengizophakanyiswa, sengizophakanyiswa impela.


Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena wedwa, unguSimakade.”


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ