Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 7:17 - IsiZulu 2020

17 Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyakumbonga uJehova ngokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 7:17
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Igazi lakhe malibe phezu kwekhanda likaJowabe nakubo bonke abendlu kayise: makungahlali kungekho endlini yakhe ocucuzayo, onochoko, ozimelelayo ngodondolo, ofa ngenkemba, noswela isinkwa.”


USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Ugcwele udumo nobukhosi umsebenzi wakhe, nokulunga kwakhe kumi phakade.


Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo, mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka.


Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.


Ulimi lwami luzoshumayela ngokulunga kwakho nangodumo lwakho, usuku lonke.


Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.


Ngiyakuthokoza, ngethabe kuwe; ngilihubele igama loPhezukonke.


Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke,


Kepha Wena, Simakade, uphakeme kuze kube phakade.


USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


“Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi:


Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.


UNkulunkulu wabuye wenza nobubi babantu baseShekhemi ukuba behlele phezu kwabo, baphinde behlelwa nayisiqalekiso uJothamu, indodana kaJerubhali, ayesikhulume kubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ