Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 7:15 - IsiZulu 2020

15 Umba umgodi, usewumbile; ukhalakathela emgodini abewumbile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Umgodi uwumba, uwugubha, kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wemba umthombo, wawumba, wawela emgodini ayewenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 7:15
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


Bakhulelwa inkathazo, bazale inkohlakalo, isisu sabo silungiselela inkohliso.”


Ngibabonile abahlwanyela inkohlakalo, nabalima inkathazo, bavuna inhlupheko.


Nenza unkatho ngentandane, nithengisa ngomngani wenu.


Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.


Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho.


Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.


Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela


Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi, aze ambele umgodi lowo ongenamthetho.


Omba umgodi uyakuphonseka kuwo, nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Niyokhulelwa amakhoba, nizale amabibi, ukuphefumula kwenu kuzokuba ngumlilo ozoqothula nina uqobo.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ