Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 69:21 - IsiZulu 2020

21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Banginika inyongo ukudla kwami; futhi ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 69:21
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla ngabaphrofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubenza badle okubabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi, ngokuba ukuziphatha kabi kusuke kubaphrofethi baseJerusalema, kwasabalala ezweni lonke.”


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa eselinambithile, akathandanga ukuliphuza.


Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa.


Amnika iwayini elalixutshwe nemure, kodwa akalemukelanga.


Omunye wagijima, wagcwalisa ilula ngoviniga walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani sibone ukuthi u-Eliya uzokuza yini azomehlisa.”


Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini,


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ