Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 65:9 - IsiZulu 2020

9 Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu, umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi, abantu ubalungisela ukudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi; ubalungisela abantu ukudla, ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uyahambela umhlaba, uwunyakazise; Uyawucebisa kakhulu ngomfula kaNkulunkulu ogcwele amanzi; Ubalungisela ukolweni uma Ubahlinzekele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 65:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,


Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.


Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.


Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha.


Iziqhingi zibonile, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela, iyasondela, futhi isifikile.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Abashongo ezinhliziyweni zabo, ukuthi: ‘Ake sesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, onika imvula yokuqala neyakamuva ngesikhathi sayo, osigcinele amasonto anqunyiweyo okuba sivune.’


Kube kuhle kimi ukuba nginazise ngezibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzileyo kimi.


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ