Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 65:8 - IsiZulu 2020

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho, ujabulisa impumalanga nentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngisho nabakhileyo ekupheleni bayazesaba izibonakaliso zakho; Wenza ukuphuma ekuseni nakusihlwa kujabule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 65:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”


“Selokhu waba khona, sewake wakuyala yini ukusa, wenza intathakusa iyazi indawo yayo,


Wathulisa isiphepho, kwathula du, kwathula namadlambi olwandle.


Kwaqhuma uhleko, izilimi zethu zahuba ngentokozo; abezizwe base bekhuluma, bethi: “USimakade ubenzele izinto ezinkulu.”


Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


eliphuma kulo njengomyeni ephuma elawini, nanjengendoda enamandla, ligijima endleleni yalo.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho.


Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu, konke kuyajabula, kuyahlabelela.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


Usuku lungolwakho, nobusuku bungobakho; nguWena owenza ukukhanya nelanga.


URahabi umchoboze wanjengobuleweyo, ngengalo yakho enamandla, wahlakaza izitha zakho.


Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ