Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 62:2 - IsiZulu 2020

2 NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 62:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Uma ewa, akayukufumbeka phansi, ngokuba uSimakade ubamba isandla sakhe.


Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.


Mandla ami, ngizohubela Wena; ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami onomusa.


Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


Uyakungibiza, athi: “UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.”


Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.


Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.


Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.


Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ